Wabazisa ngeSabatha lakho elingcwele, wabashayela imithetho, izimiso nemiyalelo ngenceku yakho uMose.
AmaHubo 103:7 - IsiZulu 2020 Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantu bakwa-Israyeli, izenzo zakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Wamazisa uMose izindlela zakhe, nezenzo zakhe kubantwana bakwa-Israyeli. |
Wabazisa ngeSabatha lakho elingcwele, wabashayela imithetho, izimiso nemiyalelo ngenceku yakho uMose.
Wamisa isiyalo kwaJakobe, washaya umthetho kwa-Israyeli, wayala ukuba okhokho bethu bawufundise abantwana babo,
USimakade wehlela esiqongweni sentaba iSinayi, wayesebiza uMose ukuba akhuphukele kuso, uMose wakhuphuka.
Bonke abantu baphendula ngazwi linye, bathi: “Siyokwenza konke uSimakade akushilo kithi.” UMose wabuyisela kuSimakade wonke amazwi ayekhulunywe ngabantu.
Kepha abantu bamela kude, kwaba nguMose kuphela osondela efini elimnyama lapho uNkulunkulu wayekhona.
Ngakho-ke uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ngifumane umusa emehlweni akho. Khumbula futhi ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”
Akuzange kuphinde kuvele umphrofethi kwa-Israyeli owayefana noMose, owayazana noSimakade ubuso nobuso.