Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 20:21 - IsiZulu 2020

21 Kepha abantu bamela kude, kwaba nguMose kuphela osondela efini elimnyama lapho uNkulunkulu wayekhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Abantu bema kude; uMose wasondela ebumnyameni obunzima, lapho ekhona uNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Abantu bema kude, uMose wasondela ebumnyameni obukhulu lapho uNkulunkulu ekhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 20:21
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USolomoni wayesekhuluma, ethi: “USimakade ushilo ukuthi uyakuhlala esigayegayeni.


Khona uSolomoni wakhuluma, wathi: “USimakade ushilo ukuthi uyakuhlala esigayegayeni.


wembethe ukukhanya njengengubo, weneka izulu njengendwangu.


Wendulelwa ngumbani, amafu akhe ehlisa isichotho namalahle avuthayo.


Uqhekeza isibhakabhaka bese ehla emi ngezinyawo zakhe, phezu kwesigayegaye sobumnyama.


Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.


UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uSimakade wambiza esentabeni, wathi: “Yisho kanje kuyo indlu kaJakobe, umemezele kubantu bakwa-Israyeli, uthi:


“Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.


Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi:


Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka