Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.
AmaHubo 1:3 - IsiZulu 2020 Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela. |
Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.
Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo,
USimakade waba naye noma kuphi lapho ayeya khona, wachuma, wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, akabe esayikhonza.
“Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe.
Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.
Kuyo yonke imisebenzi ayiqalayo uHezekiya eyenzela indlu kaNkulunkulu, umthetho nemiyalo, ukuze afune uNkulunkulu wakhe ngenhliziyo yakhe yonke, waphumelela.
Abaningi baletha iminikelo kuSimakade eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waba nodumo kubo bonke abezizwe ngaleso sikhathi.
Abadlulayo mabathi: “Isibusiso sikaSimakade masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaSimakade.”
ukuze bamemezele ukuthi uSimakade ulungile, uyidwala lami, kuye akukho ukungalungi.
Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.
Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.
USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi.
Uyakufana nesihlahla esitshalwe ngasemanzini, esimpande zaso sizenabisele ngasemfuleni. Akayukwesaba lapho ebona ukushisa kuza, amaqabunga aso ahlala eluhlaza, ngonyaka wesigagadu awanakukhathazeka, futhi awayeki ukuthela izithelo.
Wawusemhlabathini omuhle ngasemanzini amaningi ukuba uveze amagatsha, uthele izithelo, ube ngumvini omuhle.” ’ ”
“ ‘Unyoko wayenjengomvini otshalwe ngasemanzini; othela kakhulu futhi ugcwele amagatsha ngenxa yamanzi amaningi.
Ngalokho-ke isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle; amagatsha awo aba makhulu, namagatsha awo enaba ngenxa yamanzi amaningi.
Ngasosebeni lomfula ngapha nangapha, kuyakumila zonke izinhlobo zemithi ethela izithelo, amaqabunga ayo awayukubuna, nezithelo zayo aziyukuphela; iyakuthela zinyanga zonke, ngokuba amanzi asuka endlini engcwele agelezela kuzo; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, kuthi amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”
Endlalekise okwemfunda, nanjengezivande eziseceleni komfula, njengenhlaba etshalwe nguSimakade, nanjengemisedari ngaseceleni kwamanzi.
Kepha kwathi lapho seliphumile ilanga, yabuna, ngokuba ingenazimpande ezigxilileyo.
Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi.
Kwathi sekusondele isikhathi sokuvuna, wathumela izinceku zakhe kubalimi ukuba zilande izithelo zakhe.
Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo benzi bokubi. Isivini sakhe asiqashise kwabanye abalimi abayakumnika isivuno ngesikhathi saso.”
Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.
“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
Yibo laba abayichilo emadilini enu, abadla nani bengenakwesaba, bezenelisa. Bangamafu angenamvula apheshulwa wumoya, izihlahla zasehlobo ezingenazithelo, bafe imfakabili, basishuliwe.
Phakathi komgwaqo wawo nomfula kuleli cala, ngakwelinye kukhona umuthi wokuphila, owawuthela izithelo ezili-12, izithelo zawo uzithela nyanga zonke, amacembe omuthi angawokuphilisa izizwe.