Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 17:8 - IsiZulu 2020

8 Uyakufana nesihlahla esitshalwe ngasemanzini, esimpande zaso sizenabisele ngasemfuleni. Akayukwesaba lapho ebona ukushisa kuza, amaqabunga aso ahlala eluhlaza, ngonyaka wesigagadu awanakukhathazeka, futhi awayeki ukuthela izithelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza, angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu, anganqamuki ukuthela izithelo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, onabe izimpande zawo ngasemfuleni, angaboni lapho kufika ukushisa, kepha amaqabunga awo ayakuba luhlaza; futhi ayiyikuyeka ngonyaka wesomiso, futhi ayiyikuyeka ukuthela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 17:8
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Impande yami iyokwenabela emanzini, kulale amazolo egatsheni lami ubusuku bonke;


Yena uluhlaza phambi kwelanga; imixhantela yakhe iyenaba ensimini yakhe.


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


Othembele engcebeni yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.


USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


Impela ngiyakukukhulula, awuyukuwa ngenkemba, kodwa ukuphila kwakho kuyofana nempango kuwe, ngokuba ungethembile, kusho uSimakade.’ ”


Cabanga nje i-Asiriya, elalingumsedari waseLebhanoni; unamagatsha amahle, namaqabunga anomthunzi, nesiqu esiphakemeyo; isihloko sawo sifinyelela emafini.


Ngasosebeni lomfula ngapha nangapha, kuyakumila zonke izinhlobo zemithi ethela izithelo, amaqabunga ayo awayukubuna, nezithelo zayo aziyukuphela; iyakuthela zinyanga zonke, ngokuba amanzi asuka endlini engcwele agelezela kuzo; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, kuthi amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka