Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 21:41 - IsiZulu 2020

41 Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo benzi bokubi. Isivini sakhe asiqashise kwabanye abalimi abayakumnika isivuno ngesikhathi saso.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Bathi kuye: “Uyakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe asiqashe kwabanye abalimi, abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Bathi kuye: “Uyakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe asiqashe kwabanye abalimi, abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 21:41
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphihlize njengokhamba lombumbi.”


Niyakulishiya igama lenu, libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uSimakade iyonibulala, ibize izinceku zayo ngelinye igama.


Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


Izwe liyakulila, kulile umndeni nomndeni; umndeni wendlu kaDavide ulile wodwa, nabesifazane bawo balilele bodwa; umndeni wendlu kaNathani ulile wodwa, nabesifazane bawo balilele bodwa,


USimakade uthi: “Kuyakuthi ezweni lonke kunqunywe izingxenye ezimbili, zishabalale, kushiywe ingxenye yesithathu kulo.


Kwathi sekusondele isikhathi sokuvuna, wathumela izinceku zakhe kubalimi ukuba zilande izithelo zakhe.


“Pho-ke mhla kufika umninisivini, uzakubenzenjani labo balimi na?”


“Ngalokho-ke ngithi kini: niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye.” Kuthe bekuzwa lokho bathi: “Qha, makungenzeki kanjalo.”


Kuthe sebeludingide kabanzi, kwase kusukuma uPhethro, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi kade uNkulunkulu angikhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.


Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”


Kepha uyise kaPhubhiliyu wayenomkhuhlane, elele phansi. UPawula wangena lapho elele khona, wathandaza, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.


besivimbela ukuba sikhulume nabezizwe ukuze basindiswe. Ngalokho-ke bazinqwabela njalo izono zabo, kodwa ulaka selwehlele phezu kwabo ngokupheleleyo.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka