Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 15:6 - IsiZulu 2020

6 Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashiswe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashiswe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 15:6
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha umuntu oyowathinta, uyohlonyiswa ngensimbi noma ngothi lomkhonto, aze ashiswe ngomlilo angqongqe khona lapho.”


Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.


yebo, lo mvini utshalwe yisandla sakho sokunene, nendodana yakho ozikhulisele yona.


Kodwa wena ulahlwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abagwazwe ngenkemba, behlela emgodini wamatshe njengesidumbu esinyathelweyo.


Ngokuba umuzi obiyelweyo usuyize, ikhaya lishiyiwe, lalahlwa, lanjengehlane; ithole seliklaba kulo, libuthise, lidle, liphundle amagatsha.


“Batshele uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngabe uyakuphumelela na? Ukhozi aluyukuzisiphula yini izimpande zawo, lunqume izithelo zawo, ukuze ubune, kubune wonke amaqabunga abehlume kuwo, bese kungadingeki amandla amakhulu nabantu abaningi ukuba usishulwe nezimpande zawo na?


INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,


Waziphonsa ethempelini izinhlamvu zesiliva, wahamba; esehambile, wazikhunga.


Izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.


Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.


Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu.


kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani.


Ngokuba lapho sebephunyukile ekungcoleni kwaleli lizwe ngokwazi iNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu kodwa baphinde babanjwa yikho, kwabehlula, futhi isiphetho sabo sibasibi kakhulu kunesiqalo.


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka