kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha.
AbAhluleli 7:3 - IsiZulu 2020 Manje memezela lokhu emabuthweni, uthi: ‘Owesabayo, ethuthumela, makabuyele emuva, makasuke entabeni kwaGileyadi.’ ” Kwabuyela emuva abayizi-20 000, kwasala abayizi-10 000. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho memeza ezindlebeni zabantu, uthi: ‘Owesabayo ethuthumela makabuye, amuke entabeni yakwaGileyadi!’ ” Kwabuya abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili, kwasala abayizinkulungwane eziyishumi. Contemporary Zulu Bible 2024 Hamba manje, umemeze ezindlebeni zabantu, uthi: Wonke owesabayo owesabayo makabuye, asuke entabeni yakwaGileyadi. Kwabuya kubantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili; kwasala izinkulungwane eziyishumi. |
kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha.
Izikhulu ziyokhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo, ozizwa entekenteke enhliziyweni, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zibe ntekenteke njengenhliziyo yakhe.’
Ayakulwa neWundlu; iWundlu liwanqobe, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, likanye nabanalo ababiziweyo balo, abakhethiweyo nabathembekileyo.”
“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”
Wathuma izigijimi kulo lonke elakwaManase, nabo babuthana, bamlandela. Wabuye wathuma ezinye izigijimi kwa-Asheri, kwaZebuloni nakwaNafethali, bakhuphuka ukuyohlangana nabo.