Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 7:2 - IsiZulu 2020

2 USimakade wathi kuGideyoni: “Amabutho anawe maningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sawo, funa u-Israyeli athathe udumo kungabi ngolwami, ethi: ‘Isandla sami singisindisile.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu abanawe baningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sabo, funa u-Israyeli aziqhenye ngakimi ngokuthi: ‘Isandla sami singisindisile.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu abanawe baningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sabo, ukuze u-Israyeli angangiphakamiseli, athi: ‘Isandla sami singisindisile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 7:2
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono eminingi ebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe!” Yena wathi: “Ngilapha.”


U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Ngokuba ithi: “Zonke lezi zinto ngizenze ngamandla ami, nangokuhlakanipha kwami, ngokuba nginokuqonda; ngiyisusile imingcele yezizwe, ngaphanga ingcebo yazo; njengesiqhwaga ngiziqumbe phansi izakhamuzi.


Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.


Ukuzidla kwabantu kuyothotshiswa, nokuzikhukhumeza kwabantu kuyofojiswa; nguSimakade kuphela oyophakanyiswa ngalolo lusuku.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


Inhliziyo yakho yakhukhumala ngenxa yobuhle bakho, wakonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho. Ngakuqumba phansi, ngabeka amakhosi ukuba akuqaphe.


“Ndodana yomuntu, yisho kumbusi waseThire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Uqhoshile enhliziyweni yakho, wathi: “ ‘ “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sonkulunkulu, phakathi olwandle.” “ ‘Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, nakuba wenze inhliziyo yakho yaba njengekankulunkulu.


Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


Ngakho-ke uhlabela inetha lakhe, alishisele impepho inetha lakhe elihudulwayo, ngokuba isabelo sakhe sinokudla okuningi, unokwanele azokudla.


“USimakade uyakuhlenga amathende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu kaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungabi lukhulu phezu kukaJuda.


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Kuleso naleso sizwana sakwa-Israyeli kuphume inkulungwane, nibathumele empini.”


ungazigabisi phezu kwamagatsha. Kepha uma uzigabisa, khumbula ukuthi akunguwe othwele impande, kodwa yimpande ethwele wena.


Ngakho-ke kuphi ukuzigabisa na? Akukho nhlobo. Ngenxa yamuphi umthetho na? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.


futhi akuyi ngemisebenzi, funa kube khona ozibongayo.


kungenjalo, ngesaba ukuchukuluzwa yisitha, funa abamelene nabo baqonde, bathi: “Izandla zethu eziphakamile, akusiye uSimakade owenze konke lokhu.” ’ ”


Uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kungizuzele yonke le mfuyo.’


“Kepha uyomkhumbula uSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba nguye okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe afunga ngaso kokhokho bakho, njenganamuhla.


Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka