Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.
AbAhluleli 16:9 - IsiZulu 2020 Amadoda ayesophe ukumbulala ayesegumbini lakhe elingaphakathi, elinde khona, wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni!” Kepha wazigqabula kalula nje izintambo kwangathi umucu kahalibhoma lapho ushiswa ngumlilo. Ngakho-ke imfihlo yamandla akhe ayaziwanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayenabaqamekeli behlezi ekamelweni eliphakathi. Wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wayesegqabula izinsinga njengentambo yefilakisi* igqatshulwa, lapho izwa umlilo. Ngalokho amandla akhe awaziwanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona amadoda ayeqamekele futhi ehlezi naye ekamelweni. Wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni; Wahlephula izinwele, njengokugqashuka kwentambo lapho ithinta umlilo. Ngakho amandla akhe ayengaziwa. |
Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.
Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.
UDelila wathi kuSamsoni: “Uhlekise ngami, wangitshela amanga; ngiyakuncenga ngitshele ukuthi ungaboshwa kanjani.”
USamsoni wathi kuye: “Uma bengangibopha ngezintambo ezintsha eziyisikhombisa ezingakomiswa, ngiyakuba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”
Amakhosi amaFilisti aletha kuye izintambo ezintsha eziyisikhombisa ezingakomiswa, wambopha ngazo.