Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 16:7 - IsiZulu 2020

7 USamsoni wathi kuye: “Uma bengangibopha ngezintambo ezintsha eziyisikhombisa ezingakomiswa, ngiyakuba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 USamsoni wathi kuye: “Uma bengibopha ngezinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 USamsoni wathi kuye: “Uma bengibopha ngemifino eyisikhombisa engapheli, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 16:7
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izindebe ezikhuluma iqiniso ziyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.


Izindebe ezinobugagu azisifanele isiwula; kakhulu kangakanani-ke izindebe zenkohliso kumuntu ohloniphekileyo na?


Kungani kungashiwo njengokuba abanye bekhuluma kabi ngathi, bethi: masenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukwehlulelwa kwabo kubafanele.


Ningadukiswa, uNkulunkulu akabhuqwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho uyakukuvuna.


Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe;


UDelila wathi kuSamsoni: “Uhlekise ngami, wangitshela amanga; ngiyakuncenga ngitshele ukuthi ungaboshwa kanjani.”


UDelila wathi kuSamsoni: “Ake ungitshele ukuthi yini ekwenza ube namandla amakhulu kangaka, nokuthi ungaboshwa kanjani ukuze unqotshwe, na?”


Amakhosi amaFilisti aletha kuye izintambo ezintsha eziyisikhombisa ezingakomiswa, wambopha ngazo.


Amadoda ayesophe ukumbulala ayesegumbini lakhe elingaphakathi, elinde khona, wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni!” Kepha wazigqabula kalula nje izintambo kwangathi umucu kahalibhoma lapho ushiswa ngumlilo. Ngakho-ke imfihlo yamandla akhe ayaziwanga.


USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke na?” UMikhali wamphendula uSawule, wathi: “UDavide uthe kimi: ‘Ngivumele ngihambe; kungani ngizoze ngikubulale na?’ ”


U-Akhishi wambuza, wathi: “Benihlasele kuphi namuhla na?” UDavide waphendula wathi: “Siye eningizimu kwaJuda, eningizimu kwaJerameli, naseningizimu yelamaKheni.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka