Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 58:9 - IsiZulu 2020

9 Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Izimbiza zenu zingakawezwa ameva, iyakuwasusa kungathi ngesivunguvungu, iphila nangokufutheka kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 58:9
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni.


Umoya wasempumalanga uyakumphephulela phezulu, umphephule asuke endaweni yakhe.


noma kungani ngingagcwatshwanga njengokuphuphumileyo nanjengombungu ongalibonanga ilanga?


Ngokuqhosha, ababi bahlupha abampofu. Mababanjwe emacebeni abawacebileyo.


Izindlela zaso zethembekile izikhathi zonke; izehlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwaso; zonke izitha zaso uyazidelela.


Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa.


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembubhiso, nenhlekelelo yenu ifika njengesivunguvungu, nalapho inhlupheko nosizi kunehlela,


Lapho kwedlula isivunguvungu omubi usuke engasabonwa, kanti olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Njengomsindo wokusha kwameva phansi kwebhodwe, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize.


Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi, kodwa uyakuzijezisa, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba epheshulwa ngumoya ezintabeni, nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.


Bathi besanda kutshalwa nje, beqeda nje ukuhlwanyelwa, nesiqu sabo singakagxiliswa izimpande emhlabathini, wabaphephetha, babuna, isivunguvungu sabasusa njengamabibi.


Bheka, isivunguvungu sikaSimakade esinolaka siphumile. Isivunguvungu esikhwishizayo siyakhwishiza phezu kwamakhanda ezikhohlakali.


Kodwa uma uSimakade enza into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye nakho konke okwabo, baye kwalasha bephila, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamedelelile uSimakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka