Wayesethi ezincekwini zakhe: “Niyabona-ke, insimu kaJowabe iseduze neyami, unebhali khona; hambani niyithungele ngomlilo.” Izinceku zika-Absalomu zayithungela-ke ngomlilo insimu.
AbAhluleli 15:5 - IsiZulu 2020 Esezithungele izihlonti, wazidedela izimpungushe ukuba zingene phakathi kukakolo wamaFilisti ungakavunwa. Washisa izithungo nezinhlanga zikakolo, izivini nezihlahla zeminqumo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wazithungela izikhuni ngomlilo, wazivumela ukuba zingene phakathi kwamabele amaFilisti engakavunwa, washisa amaqhinqa nezinhlanga zamabele kanye nezivini neminqumo. Contemporary Zulu Bible 2024 Esethungele izinkuni ngomlilo, wazidedela zangena emabeleni amaFilisti angakavunwa, washisa izithungu nakokolweni ongakavunwa kanye nemivini neminqumo. |
Wayesethi ezincekwini zakhe: “Niyabona-ke, insimu kaJowabe iseduze neyami, unebhali khona; hambani niyithungele ngomlilo.” Izinceku zika-Absalomu zayithungela-ke ngomlilo insimu.
“Uma kuqubuka umlilo, wokheleke ezihlahleni ezinameva kuze kushe nezinhlanga zamabele, noma okusanhlamvu okungakavunwa, lowo othungele umlilo kufanele akhokhe.
kodwa ngonyaka wesikhombisa uyakuyiphumuza, awuyukuyilima; uyakuyiyeka ibe yifusi, ukuze abampofu bakini badle, kuthi lokho abakushiyayo kudliwe yizilwane zasendle. Uyokwenza kanjalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.
USamsoni wahamba wabamba izimpungushe ezingama-300, wathatha izihlonti, wayesenza ukuba izimpungushe zilinganisane ngemisila, wabophela izihlonti phakathi kwemisila yazo.
AmaFilisti ayesebuza ethi: “Kwenziwe ngubani lokhu, na?” Baphendula bathi: “NguSamsoni, umkhwenyana womThimna, ngenxa yokuba umukhwe wakhe uthathe umkaSamsoni wamnika umngani kaSamsoni.” AmaFilisti enyuka, amshisa yena noyise.