Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 15:5 - IsiZulu 2020

Esezithungele izihlonti, wazidedela izimpungushe ukuba zingene phakathi kukakolo wamaFilisti ungakavunwa. Washisa izithungo nezinhlanga zikakolo, izivini nezihlahla zeminqumo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wazithungela izikhuni ngomlilo, wazivumela ukuba zingene phakathi kwamabele amaFilisti engakavunwa, washisa amaqhinqa nezinhlanga zamabele kanye nezivini neminqumo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Esethungele izinkuni ngomlilo, wazidedela zangena emabeleni amaFilisti angakavunwa, washisa izithungu nakokolweni ongakavunwa kanye nemivini neminqumo.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 15:5
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi ezincekwini zakhe: “Niyabona-ke, insimu kaJowabe iseduze neyami, unebhali khona; hambani niyithungele ngomlilo.” Izinceku zika-Absalomu zayithungela-ke ngomlilo insimu.


“Uma kuqubuka umlilo, wokheleke ezihlahleni ezinameva kuze kushe nezinhlanga zamabele, noma okusanhlamvu okungakavunwa, lowo othungele umlilo kufanele akhokhe.


kodwa ngonyaka wesikhombisa uyakuyiphumuza, awuyukuyilima; uyakuyiyeka ibe yifusi, ukuze abampofu bakini badle, kuthi lokho abakushiyayo kudliwe yizilwane zasendle. Uyokwenza kanjalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.


USamsoni wahamba wabamba izimpungushe ezingama-300, wathatha izihlonti, wayesenza ukuba izimpungushe zilinganisane ngemisila, wabophela izihlonti phakathi kwemisila yazo.


AmaFilisti ayesebuza ethi: “Kwenziwe ngubani lokhu, na?” Baphendula bathi: “NguSamsoni, umkhwenyana womThimna, ngenxa yokuba umukhwe wakhe uthathe umkaSamsoni wamnika umngani kaSamsoni.” AmaFilisti enyuka, amshisa yena noyise.