Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 15:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wazithungela izikhuni ngomlilo, wazivumela ukuba zingene phakathi kwamabele amaFilisti engakavunwa, washisa amaqhinqa nezinhlanga zamabele kanye nezivini neminqumo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Esezithungele izihlonti, wazidedela izimpungushe ukuba zingene phakathi kukakolo wamaFilisti ungakavunwa. Washisa izithungo nezinhlanga zikakolo, izivini nezihlahla zeminqumo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Esethungele izinkuni ngomlilo, wazidedela zangena emabeleni amaFilisti angakavunwa, washisa izithungu nakokolweni ongakavunwa kanye nemivini neminqumo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 15:5
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi ezincekwini zakhe: “Bhekani, insimu kaJowabe iseduze neyami, unebhali* khona; hambani niyithungele ngomlilo.” Izinceku zika-Abisalomu zayithungela-ke insimu ngomlilo.


“Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.


kepha ngomnyaka wesikhombisa uyakuliyeka libe yifusi ukuba abampofu babantu bakho badle; abakushiyayo makudliwe yizilwane zasendle; wenze njalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.


USamsoni wahamba, wabamba izimpungushe ezingamakhulu amathathu, wathatha izikhuni, wazibhekisana ngemisila, wafaka isikhuni phakathi kwemisila ngamibili.


AmaFilisti ayesethi: “Ngubani okwenzile lokho na?” Bathi: “NguSamsoni, umkhwenyana wowaseThimna, ngokuba yena uthathe umkakhe, wamnika umngane wakhe.” AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka