“Nasi iseluleko sami sokuthi u-Israyeli wonke makaqoqelwe kuwe kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba, ube mningi ngangesihlabathi sasolwandle ngobuningi, bese umhola wena uye naye empini.
2 Samuweli 3:10 - IsiZulu 2020 ukuba kuthathwe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide, phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.” Contemporary Zulu Bible 2024 ukuguqula umbuso wendlu kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba. |
“Nasi iseluleko sami sokuthi u-Israyeli wonke makaqoqelwe kuwe kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba, ube mningi ngangesihlabathi sasolwandle ngobuningi, bese umhola wena uye naye empini.
Inkosi yathi kuJowabe, umkhuzi wempi, owayenaye: “Hamba uye kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba; nibale abantu ukuze ngazi ukuthi bangaki.”
U-Ishi Bhoshethi akazange amphendule futhi u-Abhineri nangelilodwa izwi, ngoba wayemesaba.
U-Abhineri wathi kuDavide: “Mangihambe ngiyoqoqa wonke u-Israyeli eze enkosini yami, inkosi, ukuze enze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke njengalokhu kufisa inhliziyo yakho.” UDavide wamkhulula u-Abhineri, wahamba ngokuthula.
OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.
Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.
USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.
USimakade ukwenzile lokho, njengoba akhuluma ngami: uSimakade uwususile umbuso kuwe, wawunika umakhelwane wakho, uDavide.
Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumphrofethi kaSimakade.