Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 3:9 - IsiZulu 2020

9 UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UNkulunkulu makenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UNkulunkulu wenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, ngaphandle kokuthi uJehova afunga kuDavide ngesifungo, ngiyakwenza kanjalo kuye;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 3:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Niyakuthi ku-Amasa: ‘Awusilo yini wena ithambo lami nenyama yami na? UNkulunkulu makenze kimi noma yini, uma wena kusukela manje, ungeke ube ngumkhuzi wempi yami esikhundleni sikaJowabe.’ ”


U-Amasa waziguqula izinhliziyo zabo bonke abantu bakwaJuda, baba muntu munye, base bethumela enkosini, bethi: “Buya wena, nazo zonke izinceku zakho.”


Abantu bonke bafika bamncenga uDavide ukuba adle isinkwa kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Makenze kanjalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”


UJezebheli wayesethumela isithunywa ku-Eliya, ethi: “Sengathi onkulunkulu bami bangenza kanjalo kimi, futhi benezele, uma nje ngalesi sikhathi kusasa ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo.”


Inkosi uSolomoni yayisifunga kuSimakade, yathi: “UNkulunkulu makenze kanjalo kimi, enezele futhi uma u-Adoniya engalikhulumanga leli lizwi, wabeka ukuphila kwakhe engcupheni yokufa.


Nanti inani lezinhloko ezazihlomile ezeza kuDavide eHebhroni, ukuba ziguqulele kuye umbuso kaSawule njengokusho kwezwi likaSimakade.


Lapho ufela khona, ngiyofela khona nami, ngingcwatshwe khona. USimakade akangiphe amandla kulesi sinqumo, angijezise ngokuphindiwe uma ngigudluka kuso; ngukufa kuphela okuyosehlukanisa.”


USawule wathi: “Makenze kanjalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”


USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.


UNkulunkulu makenze kanjalo kuzo zonke izitha zikaDavide, anezelele kulokho, uma ekuseni ngakusasa ngizoshiya noma oyedwa wesilisa ongowakhe.”


USimakade ukwenzile lokho, njengoba akhuluma ngami: uSimakade uwususile umbuso kuwe, wawunika umakhelwane wakho, uDavide.


U-Eli wathi: “Ukhulume izwi elithini kuwe na? Ungangifihleli lutho; uNkulunkulu makenze kanjalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho akukhulume kuwe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka