Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 3:8 - IsiZulu 2020

8 Lawo mazwi ka-Ishi Bhoshethi amthukuthelisa kakhulu u-Abhineri, wayesethi: “Kanti mina ngiyikhanda lenja kuJuda yini na? Kuze kube namuhla, ngisalokhu ngikhombisa ukwethembeka kwabendlu kayihlo uSawule, kubafowabo nakubangani bakhe, angikaze ngikunikele esandleni sikaDavide. Manje usungibeka icala ngalo wesifazane!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa, abafowabo nabangane bayo, angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Abineri wathukuthela kakhulu ngamazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja yini elinomusa kuJuda namuhla endlini kaSawule uyihlo, nakubafowabo, nakubangane bakhe, kangikophulanga na? esandleni sikaDavide ukuthi ungimangalele namuhla ngesikweleti ngalo wesifazane na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 3:8
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wayesethi enkosini: “Le nja efileyo iyithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye kuyo ngiyinqume ikhanda.”


U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi,


Manje-ke yenzani lokho, ngokuba uSimakade ukhulumile kuDavide, wathi: ‘Ngenceku yami uDavide, ngiyobasindisa abantu bami, u-Israyeli, emandleni amaFilisti nakuzo zonke izitha zabo.’ ”


UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,


Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”


UMefibhoshethi wakhothama, wathi: “Ibe iyini nje inceku yakho ukuba ungaze uzikhathaze ngenja efileyo enjengami na?”


UHazayeli wathi: “Kodwa ibiyini inceku yakho, iyinja nje; ingakwenza kanjani lokhu okukhulu kangaka na?” Wathi u-Elisha: “USimakade ungibonisile ukuthi uzokuba yinkosi e-Aramu.”


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Ngubani lona omedelelile, nomethukile na? Ngubani lona omphakamisele izwi lakho, nobhekisa amehlo akho phezulu, umqhoshela na? Ngabe ukwenza lokhu koNgcwele ka-Israyeli!


Ungayilethi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ufeze isithembiso, ngokuba kokubili kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.


USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.


UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi uphethe izinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka