Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 3:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 ukuba kuthathwe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide, phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 ukuguqula umbuso wendlu kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 3:10
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.


Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: “Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.”


Wayengenakumphendula u-Abineri ngezwi futhi, ngokuba wayemesaba.


U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho.” UDavide wammukisa u-Abineri, wahamba ngokuthula.


OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.


UJehova wenzile ngokwakhe, njengalokho akhuluma ngami: uJehova ukwaphucile umbuso esandleni sakho, wawunika umakhelwane wakho uDavide.


Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumprofethi kaJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka