Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 24:2 - IsiZulu 2020

2 Inkosi yathi kuJowabe, umkhuzi wempi, owayenaye: “Hamba uye kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba; nibale abantu ukuze ngazi ukuthi bangaki.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: “Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inkosi yasisithi kuJowabi induna yebutho eyayilaye: Hamba khathesi ezizweni zonke zakoIsrayeli, kusukela koDani kusiya eBherisheba, ubale abantu, ukuze ngazi umumo wabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 24:2
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.


“Nasi iseluleko sami sokuthi u-Israyeli wonke makaqoqelwe kuwe kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba, ube mningi ngangesihlabathi sasolwandle ngobuningi, bese umhola wena uye naye empini.


UJowabe, indodana kaZeruya nezinceku zikaDavide, baphuma, bahlangana nabo ngasechibini eGibheyoni. Bahlala phansi, abanye ngakulolu hlangothi lwechibi, abanye bahlala ngakolunye.


UJowabe wayesengumkhuzi wayo yonke impi yakwa-Israyeli. UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi.


uZeleki wakwa-Amoni, uNaharayi waseBherothi, izindibi zezikhali zikaJowabe, indodana kaZeruya,


USimakade wayesethumela ubhubhane kwa-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esinqunyiweyo. Kwafa abantu abayizi-70 000 kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.


ukuba kuthathwe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide, phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.”


UJowabe, indodana kaZeruya, wayengumkhuzi wempi; uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, engumabhalane;


UDavide wathi kuJowabe nakubaholi babantu: “Hambani nibale u-Israyeli kusukela eBheri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe inani labo kimi ukuze ngazi ukuthi ungakanani.”


Kanjalo maqondana nezithunywa zezikhulu zaseBhabhele ezathumela kuye ukuyobuza ngesibonakaliso esenzeka ezweni, uNkulunkulu wamshiya emvivinya, ukuze azi konke okusenhliziyweni yakhe.


Impakamo yomuntu iyomqumba phansi, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othembela kubantu, owenza izikhwepha zakhe zibe yisihlangu sakhe, nonhliziyo yakhe isukile kuSimakade.


ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu.


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka