Izimpawu zethu asiziboni, akusekho mphrofethi, akekho kithi owaziyo ukuthi kuyoze kube nini.
1 Samuweli 3:1 - IsiZulu 2020 Umntwana uSamuweli wayemkhonza uSimakade, phambi kuka-Eli. Izwi likaSimakade lalingavamile ngalezo zinsuku, nombono wawuyivelakancane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kuka-Eli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezo zinsuku; nombono wawuyivelakancane. Contemporary Zulu Bible 2024 Indodana uSamuweli yamkhonza uJehova phambi kuka-Eli. Izwi likaJehova laliyigugu ngalezo zinsuku; kwakungekho mbono ovulekile. |
Izimpawu zethu asiziboni, akusekho mphrofethi, akekho kithi owaziyo ukuthi kuyoze kube nini.
Lapho kungekho mbono khona, abantu baba wumhlambi kazalusile, kodwa ubusisiwe ogcina umthetho.
Ngiyokwenza umuntu abe yigugu kunegolide elicwengekileyo; yebo, umuntu muhle kunegolide elicwengekileyo lase-Ofiri.
Izinhlekelele ziyolandelana, umbiko ulandele umbiko. Bayakufuna umbono kumphrofethi, kepha umthetho uyakulahleka kumphristi, neseluleko emalungeni.
U-Elikhana waphindela eRama, endlini yakhe. Umntwana wakhonza uSimakade phansi kweso lika-Eli.
USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.
Ngiyakuzivusela umphristi othembekileyo oyokwenza njengalokho okusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo. Uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.
Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho, bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva nangeqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zomphristi ukuze ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”
USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaSimakade. USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.
USimakade waqhubeka wabonakala eShilo, ngokuba wazembula kuSamuweli ngezwi likaSimakade.