Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 3:21 - IsiZulu 2020

21 USimakade waqhubeka wabonakala eShilo, ngokuba wazembula kuSamuweli ngezwi likaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova waphinda wabonakala eShilo, ngokuba uJehova wazibonakalisa kuSamuweli eShilo ngezwi likaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJehova wabuye wabonakala eShilo, ngokuba uJehova wazibonakalisa kuSamuweli eShilo ngezwi likaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 3:21
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wazibonakalisa ku-Abhrama, wathi: “Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.” U-Abhrama wayesakha lapho i-althare likaSimakade owayezibonakalise kuye.


Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.


Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.


“Namuhla nimi nonke phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, izizwana zenu, amalunga enu, izinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,


UNkulunkulu wakhuluma emandulo kokhokho ngabaphrofethi, ngezindlela eziningi nangamathuba amaningi.


Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.”


Umntwana uSamuweli wayemkhonza uSimakade, phambi kuka-Eli. Izwi likaSimakade lalingavamile ngalezo zinsuku, nombono wawuyivelakancane.


USimakade wafika wema, wambiza njengalokhu ebenzile ngesikhathi esiphambili: “Samuweli, Samuweli!” USamuweli wathi: “Khuluma, ngokuba inceku yakho iyezwa.”


uSimakade wambiza uSamuweli; wathi yena: “Ngilapha.”


USimakade wayemambulele ngayizolo uSamuweli, engakafiki uSawule, wathi:


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka