Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 74:9 - IsiZulu 2020

9 Izimpawu zethu asiziboni, akusekho mphrofethi, akekho kithi owaziyo ukuthi kuyoze kube nini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Izimpawu zethu asiziboni; akusekho mprofethi; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Izibonakaliso zethu asiziboni; akusekho mprofethi, akakho phakathi kwethu owaziyo ukuthi koze kube nini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 74:9
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.


Amasango alo abishe emhlabathini; usakaze, waphoqoza imigoqo yalo. Inkosi nababusi sebephakathi kwezizwe, akasekho ofundisa umthetho, nabaphrofethi abasaboni mbono ovela kuSimakade.


Ngabanika futhi amasabatha ami ukuba abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguSimakade obangcwelisayo.


Izinhlekelele ziyolandelana, umbiko ulandele umbiko. Bayakufuna umbono kumphrofethi, kepha umthetho uyakulahleka kumphristi, neseluleko emalungeni.


“Niyabona-ke, ziyeza izinsuku, lapho ngiyakuthumela indlala ezweni, hhayi indlala yesinkwa, hhayi eyokomela amanzi, kodwa indlala yokuzwa amazwi kaSimakade,” kusho uSimakade.


Ngalokho ubusuku buyakunifikela, ningaboni mbono, ningabe nisabhula. Liyakubashonela ilanga abaphrofethi, usuku lube mnyama bhuqe kubo.


Ababonayo bayakuba namahloni, ababhuli bahlazeke; bonke bayakubamba amadevu abo, ngokuba kungekho mpendulo evela kuNkulunkulu.”


UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.


Wayesethi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ngikhombise isibonakaliso sokuthi nguwena okhuluma nami.


Umntwana uSamuweli wayemkhonza uSimakade, phambi kuka-Eli. Izwi likaSimakade lalingavamile ngalezo zinsuku, nombono wawuyivelakancane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka