Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide esebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, wahlala izinsuku ezimbili eZikilagi.
1 Samuweli 27:6 - IsiZulu 2020 U-Akhishi wamnika iZikilagi ngalolo lusuku, ngalokho-ke iZikilagi lingelamakhosi akwaJuda kuze kube namuhla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Akhishi wamnika iSikilagi ngalolo suku; ngalokho iSikilagi lingelamakhosi kuze kube namuhla. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Agi wamnika iSikilagi ngalolo suku; ngalokho iZikilagi lingelamakhosi akwaJuda kuze kube namuhla. |
Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide esebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, wahlala izinsuku ezimbili eZikilagi.
Nanka amagama alabo abafika kuDavide ngesikhathi esagogobele eZikilagi, ngenxa kaSawule, indodana kaKhishi; ababephakathi kwamaqhawe ayelekelela empini.
Ngesikhathi eya eZikilagi, abakwaManase abaqembuka beza kuye yilaba: u-Adina, uJozabhadi, uJediyayeli, uMikhayeli, uJozabhadi, u-Elihu, uZilethayi, nezinhloko zezinkulungwane zabakwaManase.
Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”
UDavide wathi ku-Akhishi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?”
Abakhuzi bempi yamaFilisti bamthukuthelela, bathi kuye: “Mbuyisele emuva lowo muntu, makabuyele endaweni yakhe ombeke kuyo, angehli nathi aye empini, funa abe yisitha sethu empini. Yini lo angazincengela ngayo enkosini yakhe uma engezincengele ngamakhanda alawo madoda na?
Kwathi ngosuku lwesithathu lapho uDavide nabantu bakhe befika eZikilagi, bathola ukuthi ama-Amaleki ayehlasele eNegevu naseZikilagi, alinqoba, alishisa ngomlilo.
Sasihlasele ngaseNegevu eKherethi, nakwaJuda, naseningizimu kaKhalebhu, salishisa ngomlilo iZikilagi, langqongqa.”