Wasukuma, wangena endlini, yayisimthela ngamafutha ekhanda, yathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngiyakugcoba ukuba ube yinkosi yabantu bakaSimakade, u-Israyeli.
1 Samuweli 2:7 - IsiZulu 2020 USimakade wenza abampofu bacebe; uyathobisa, bese ephakamisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyaphofisa, abesecebisa; uyathobisa, abesephakamisa. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyampofu, acebise; Uyazithoba futhi aphakamise. |
Wasukuma, wangena endlini, yayisimthela ngamafutha ekhanda, yathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngiyakugcoba ukuba ube yinkosi yabantu bakaSimakade, u-Israyeli.
Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, Wena uyabusa phezu kwakho konke. Esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, ukukhulisa nokunika bonke amandla.
UHezekiya wayecebile futhi enodumo olukhulu, wazakhela izindlu zesiliva, ezegolide, ezamatshe ayigugu, ezamakha, ezezihlangu nezazo zonke izinto ezinxanelekayo.
Wazakhela imizi, waba nemfuyo, izimvu nezinkomo eziningi, ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi kakhulu.
wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”
Babheke bonke abaziphakamisayo, ubehlisele phansi, unyathele phansi izikhohlakali ezindaweni zazo.
ukuze aphakamise abaphansi, aphakamisele phezulu, endaweni ephephileyo, abakhalayo.
Esandleni seNkosi kukhona isitsha, iwayini liyakhephuzela, sigcwele iwayini eliqungiweyo; yiyona elithunga ngaso. Bonke ababi abasemhlabeni impela boyimunca inhlese yalo, bayiphuze.
Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;
“Ngokuba bheka, ngizakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.
Zonke izihlahla zasendle ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngenza isihlahla eside sibhashe kuthi esibhashile ngisenze sikhule sibe side. Ngiyasomisa isihlala esiluhlaza, bese ngisihlumisa esomileyo sibe luhlaza. “ ‘Mina Simakade ngikhulumile futhi ngiyakukwenza lokho.’ ”