Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 5:11 - IsiZulu 2020

11 ukuze aphakamise abaphansi, aphakamisele phezulu, endaweni ephephileyo, abakhalayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyo baphakanyiselwe ukusindiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ukuphakamisela abaphansi phezulu; ukuze labo abalilayo baphakanyiswe ngokuphepha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 5:11
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma bekwehlisa isithunzi, uyakuthi: ‘Kungukuphakanyiswa!’ ngokuba uyamsindisa ozithobayo.


Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo, kodwa ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame, kuze kube phakade.


Nakuba ukuqala kwakho kwakungokuncane, nokho ikusasa lakho liyokhula kakhulu.


Kepha owentulayo, wamtakula osizini, imindeni yabo wayenza yaba njengomhlambi.


Uvusa ontulayo othulini, amphakamise ompofu ezaleni,


Ngoba ubambelele kimi, ngizomhlenga, ngimvikele, ngokuba walazi iGama lami.


Zonke izihlahla zasendle ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngenza isihlahla eside sibhashe kuthi esibhashile ngisenze sikhule sibe side. Ngiyasomisa isihlala esiluhlaza, bese ngisihlumisa esomileyo sibe luhlaza. “ ‘Mina Simakade ngikhulumile futhi ngiyakukwenza lokho.’ ”


Nibusisiwe nina enilambileyo manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba niyakuhleka.


UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’


Umzalwane ompofu makazincome ngokuphakanyiswa kwakhe,


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Khristu kwabafileyo,


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka