Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 5:12 - IsiZulu 2020

12 Ubhuntshisa amacebo abanobuqili, ukuze izandla zabo zingabi nampumelelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Uyachitha amacebo abanobuqili, ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uyawashafisa amacebo obuqili, ukuze izandla zabo zingakwazi ukwenza umsebenzi wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 5:12
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngosuku lwesithathu uLabani wabikelwa ukuthi uJakobe ubalekile.


Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.


U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.


Umuntu kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa-Israyeli, wathi: “Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo, ngoba abase-Aramu behlele khona.”


Izitha zethu zezwa ukuthi sesizwile ngozungu lwazo, nokuthi uNkulunkulu uliphunzisile icebo lazo. Sonke sabuyela ogangeni, kwayilowo nalowo emsebenzini wakhe.


Sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabeka abaqaphi ukulinda ubusuku nemini.


Ngokuba iziphambeko zakho zifundisa umlomo wakho; ukhetha ukukhuluma kwamaqili.


Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;


Izingalo zababi zizophoqozwa, kodwa uSimakade uyabasimamisa abalungileyo.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Amehlo kaSimakade alonda ulwazi, kepha uyawabhubhisa amazwi eqili.


AbaseGibhithe bayokhanywa baphele umoya, ngizowabhuntshisa amacebo abo. Bayofuna, bahlole konkulunkulu mbumbulu, nasemimoyeni yabafileyo, nasemadlozini, nakubathakathi.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


oshafisa izibonakaliso zabaphrofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye; obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha; bophani izwi libe linye, kodwa alinakuphumelela, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?


“ ‘Ningakusho kanjani ukuthi: “ ‘Sihlakaniphile, nomthetho kaSimakade ukithi na? “ ‘Impela, usiba lwababhali bamanga, luloba amanga.


Ngalolo lusuku, angiyubaqeda yini nya abahlakaniphileyo kwa-Edomi, nokuqonda entabeni yakwa-Esawu na? kusho uSimakade.


Isisangulukile ingqondo kaPhethro, wathi: “Manje sengiyazi ngokweqiniso ukuthi iNkosi ithumele ingelosi yayo, ingikhululile esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.”


Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangama-600, baphuma eKheyila, basabalala. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKheyila; wayeseyeka ukuya lapho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka