Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 1:21 - IsiZulu 2020

21 wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova wathatha; Malibongwe iGama leNKOSI.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 1:21
35 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


UJakobe wamthukuthelela uRaheli wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu yini okunguYena okuncishe inzalo na?”


Manje ningabe nisakhathazeka, futhi ningazisoli ngokuthi nangidayisa, ngokuba nguNkulunkulu owangithumela ukuba nginandulele ukuze ngilonde impilo.


Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.”


Inkosi ayibalalelanga abantu ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze kufezeke izwi uSimakade alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi.


UHezekiya wayesethi ku-Izaya: “Izwi likaSimakade alikhulume kimi, lingifanele.” Ngokuba ngokucabanga kwakhe wayethi: “Pho kunani uma kuzokuba nokuthula nokuvikeleka ngezinsuku zami na?”


AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”


Kepha-ke ake welule isandla sakho uthinte konke anakho, ubone ukuthi akazukukuqalekisa yini, ebusweni bakho.”


Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


Bheka, uyabamba, ngubani ongamkhalima na? Ngubani oyakusho kuye, athi: ‘Wenzani na?’


USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke; izibongo zakhe zizohlala zisemlonyeni wami njalo njalo.


Umphefumulo wami uyozincoma ngoSimakade, abathobekileyo mabezwe, bajabule.


Ngithule, angiwuvuli umlomo wami, ngokuba nguwe okwenzile lokho.


Ngokuba ekufeni kwakhe akayukumuka nalutho, umcebo wakhe awuyukwehla naye.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.


Lowo mcebo walahleka ngendlela embi, ngisho nendodana ayizalayo ayangathola lutho.


Njengalokhu umuntu aphuma enqunu esizalweni sikanina, kanjalo nalapho esehamba, uyohamba enjalo, kukho konke akusebenzile akukho lutho ayohamba nalo esandleni.


Wonke umuntu uNkulunkulu amuphe umcebo, nempahla, namandla, makakuthokozele, asamukele isipho sakhe, ajabule ngomshikashika wakhe; lokhu kuyisipho asiphiwe nguNkulunkulu.


Ngakho-ke empumalanga mdumiseni uSimakade, emazweni asogwini likhazimuliseni igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubaphangi na? Akusiye yini uSimakade lona esonile kuye, abangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nokulalela umthetho wakhe na?


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho.


Ngabe okuhle nokubi akwenzeki yini ngokuyala koPhezukonke na?


Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Ngabe iso lakho libi, ngenxa yokuba ngiyephana na?’


ukufeza lokho owawuyimisele ukuba ikwenze kwaphambilini, ngesandla nangecebo lakho ukuba kwenzeke.


nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke, egameni leNkosi yethu uJesu Khristu,


Kukho konke, bongani, ngokuba lokho kuyintando kaNkulunkulu kuKhristu uJesu ngani.


ngokuba asilethanga lutho emhlabeni, kusobala futhi ukuthi asiyukumuka nalutho.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Ngahamba nginakho konke, kodwa uSimakade ungibuyise ngize. Pho ningibizelani ngoNawomi, lokhu uSimakade ufakazile wamelana nami, uSomandla wangenzela okubi, na?”


USimakade wenza abampofu bacebe; uyathobisa, bese ephakamisa.


Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.


USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “UnguSimakade; makenze okuhle emehlweni akhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka