Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 40:12 - IsiZulu 2020

12 Babheke bonke abaziphakamisayo, ubehlisele phansi, unyathele phansi izikhohlakali ezindaweni zazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bheka bonke abaziphakamisayo, ubehlise phansi, unyathele ababi ezindaweni zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bheka wonke umuntu ozidlayo, umthobise; futhi ninyathele ababi esikhundleni sabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 40:12
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungabulangazaleli ubusuku lapho abantu bebhujiswa ezindaweni zabo.


Sizonqoba ngoNkulunkulu; Yena uzozinyathela izitha zethu.


Phakama, Mehluleli womhlaba, uziphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


USimakade uyayisiphula indlu yabazidlayo, kodwa uyayiqinisa indawo yomfelokazi.


Uma amafu emumethe imvula, ayithululela emhlabeni; nesihlahla uma siwela ngaseningizimu noma ngasenyakatho, sitholakala lapho siwele khona.


Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.


Umhlaba ngiyokuwujezisela iziphambeko zawo, nezikhohlakali, izono zazo, ngiyoqeda ukuzidla kwabaphakameyo, ngikuqede ukwedelela kwabacindezeli.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


Ngiyakukwehlisa esikhundleni sakho, ngikukhiphe emsebenzini wakho, ngikuqumbe phansi.


NguSimakade Wamabandla ocebe lokho, ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.


“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho noyedwa kubantu owayenami; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngolaka lwami, negazi labo lachaphazela izingubo zami, ngazingcolisa zonke izembatho zami.


Sizwile ngokuzidla okukhulu kakhulu, kukaMowabi; ukuziphakamisa kwakhe, ukuzithwala kwakhe, ukuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.


Nansi-ke incazelo, nkosi: yisimemezelo soPhezukonke esehlele inkosi yami, inkosi,


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Kepha lapho ezikhukhumeza enhliziyweni yakhe, nomoya wakhe uba lukhuni esezidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka emigwaqweni lapho kuliwa. Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo, bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.


Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.


ukuba athathe indawo kulo msebenzi nobuphostoli obulaxazwe nguJuda, waya endaweni yakhe.”


Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKhristu mawube nani.


USimakade wenza abampofu bacebe; uyathobisa, bese ephakamisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka