1 kaPetru 4:15 - IsiZulu 2020 Makungabi bikho namunye kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma eyisigilamkhumba, noma engozigaxa ezindabeni zabanye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma engozigaxa ezindabeni zabanye; Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engumenzi wokubi, noma engugaxekile ezindabeni zabanye; Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engumenzi wokubi, noma engugaxekile ezindabeni zabanye; |
“Nibusisiwe nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
Nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, ninake izindaba zenu, nisebenze ngezandla zenu, njengalokhu saniyala,
Ngokuba siyezwa ukuthi abanye benu bangamavila, behla benyuka bengenzi nolunci, kodwa bezigaxa ezindabeni zabanye.
Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele.
engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.
Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiswe. Ningakwesabi ukwesabisa kwabo, futhi ningakhathazeki.
Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma lokho kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka ngokwenza okubi.