Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 3:14 - IsiZulu 2020

14 Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiswe. Ningakwesabi ukwesabisa kwabo, futhi ningakhathazeki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 3:14
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Awuyukwesaba inhlekelele ezumayo, nokubhujiswa okulethwa yizikhohlakali,


“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade.


Simakade, Wena uyazi; ngikhumbule, unginake, ungiphindiselele kwabangizingelayo; ungangisusi ngenxa yolaka lwakho, yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Ngilenze ibunzi lakho lalukhuni njengedayimani, lalukhuni ukwedlula insengetsha. Ungabesabi, ungapheli amandla ngenxa yabo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


Ngakho-ke maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.


Ofumana ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana.


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana.


Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amasimu ngenxa yami nangenxa yevangeli,


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kodwa olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli, uyakukusindisa.


“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.


“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.


Ngokuba ngizakumbonisa ukuthi kumele ahlupheke kangakanani ngenxa yegama lami.”


Ngalokho ngiyathokoza ebuthakathakeni bami, ekwedelelweni, ebunzimeni, ekuhlushweni, nasebunzimeni bonke ngenxa kaKhristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla khona.


Ngokuba nina nabelwe ngenxa kaKhristu, hhayi nje ukuba nikholwe kuye, kodwa nokuba nihlupheke ngenxa yakhe,


Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


njengoSara owamlalela u-Abhrahama embiza ngokuthi inkosi. Nina-ke ningabantwana bakhe uma nje nenza okuhle, ningesabi lutho okwesabisayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka