Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 kuThimothewu 2:9 - IsiZulu 2020

9 engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 kuThimothewu 2:9
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, ezaziqhutshwa ukuba ziyobulawa kanye naye.


Yayisisondela induna yenkulungwane, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yayisibuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.


Ngokuba ngizakumbonisa ukuthi kumele ahlupheke kangakanani ngenxa yegama lami.”


Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.


Kepha labo abanye bashumayela uKhristu ngombango, kungengokwethembeka, bezitshela ukuthi bangangidalela uchuku ngisaboshiwe.


Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.


Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.


Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo,


Ngokuba izwi leNkosi lizwakele livela kini, hhayi nje kuphela eMakhedoniya nase-Akhaya, kodwa ezindaweni zonke lapho bezwe khona ngokukholwa kwenu kuNkulunkulu, ngakho-ke akusadingeki ukuba sikhulume ngakho.


Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi lisabalale ngokushesha, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini.


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


Sengathi iNkosi ingabenzela umusa abendlu ka-Onesiforu, ngokuba ubengihlumelela njalo futhi engenamahloni ngokuboshwa kwami.


Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu.


Hlanganyela nami ekuhluphekeni njengebutho elihle likaKhristu.


Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


noma ngabe ngababusi, njengokuba bethunywe yiyo ukuba babajezise abenza okubi, kodwa batuse abenza okuhle,


Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu.


Makungabi bikho namunye kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma eyisigilamkhumba, noma engozigaxa ezindabeni zabanye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka