Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 4:14 - IsiZulu 2020

14 Uma nithukwa ngenxa yegama likaKhristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhleli phezu kwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe; ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe; ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 4:14
37 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezima njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.


Amadodana abaphrofethi ayeseJerikho, ebuqamama, ambona, athi: “Umoya ka-Eliya wehlele phezu kuka-Elisha.” Asuka ayomhlangabeza, akhothama athi mbo emhlabathini phambi kwakhe.


Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,


ukuze umuntu aphile ingunaphakade, angaliboni igodi.


ezisola ngalo izitha zakho, Simakade, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho.


UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.


Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade. INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse ihlazo labantu bayo emhlabeni wonke ngokuba uSimakade ukhulumile.


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.


“Nibusisiwe nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


Kanjalo, makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uYihlo osezulwini.


Nibusisiwe nxa abantu benizonda, benihlulula, benithuka, belichitha igama lenu sengathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


AbaJuda baphendula, bathi kuye: “Asikhulumi lona yini iqiniso uma sithi ungumSamariya futhi unedimoni na?”


Bamthuka, bathi: “Nguwe ongumfundi walowo muntu, kodwa thina singabafundi bakaMose.


Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.


Kepha abaJuda, bebona izixuku, bagcwala umona baqala ukuphikisana nokwakushiwo nguPawula futhi behlambalaza.


Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”


Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.


Ngalokho ngiyathokoza ebuthakathakeni bami, ekwedelelweni, ebunzimeni, ekuhlushweni, nasebunzimeni bonke ngenxa kaKhristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla khona.


Sithwele njalo emzimbeni wethu ukufa kukaKhristu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu.


Ngakho asidangali, nakuba umuntu wethu wangaphandle ebhubha, nokho owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.


wabona ukuthi ukuthukwa ngenxa kaKhristu kuyinzuzo enkulu kunengcebo yaseGibhithe, ngokuba wayebheke umklomelo.


Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiswe. Ningakwesabi ukwesabisa kwabo, futhi ningakhathazeki.


Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu.


Kepha uma ehlupheka ngokuba engumKhristu, makangabi namahloni, kodwa makadumise uNkulunkulu, ngenxa yalelo gama.


Abaningi bayakulandela amanyala abo adluleleyo, ngokuba ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka