Ngokuba u-Abrahama walilalela izwi lami, wagcina umyalo wami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.
UNumeri 9:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njengomyalo weNkosi bahlala ematendeni, futhi ngokomyalo weNkosi bahamba; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngesiyalezo sikaJehova bamisa, nangesiyalezo sikaJehova bahamba; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose. IsiZulu 2020 Ngezwi likaSimakade babekanisa, nangezwi likaSimakade bahambe; baligcina izwi likaSimakade aliyaleza ngesandla sikaMose. |
Ngokuba u-Abrahama walilalela izwi lami, wagcina umyalo wami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.
Ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lasuka ehlane laseSini ngamabanga alo njengesiyalezo sikaJehova, lamisa eRafidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.
Njengesilwane sehlela esigodini, uMoya kaJehova wamphumuza; kanjalo wabahola abantu bakho ukuba uzenzele igama elitusekayo.
Aniyigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nanikela inkonzo yami endlini yami engcwele.
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Uma nihamba ezindleleni zami, nilalela imiyalo yami, niyakwahlulela indlu yami, nilonde amagceke ami, ngininike izindawo zokuhamba phakathi kwalabo abami khona.
Lapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi, abantwana bakwa-Israyeli bagcina inkonzo kaJehova, abasukanga.
Anibashiyanga abafowenu izinsuku eziningi kuze kube namuhla, kodwa niyigcinile inkonzo yomyalo kaJehova uNkulunkulu wenu.