UDavide esezwile ngasemuva wathi: “Mina nombuso wami asinacala kuze kube phakade phambi kukaJehova ngegazi lika-Abineri indodana kaNeri.”
UNumeri 32:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izwe liyakunqotshwa phambi kobuso bukaJehova; leli zwe liyakuba yifa lenu phambi kukaJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE izwe linqotshwe phambi kukaJehova, khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku-Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova. IsiZulu 2020 izwe linqotshwe phambi kukaSimakade, khona niyobuyela emuva, ningenacala kuSimakade naku-Israyeli. Leli lizwe liyoba yifa lenu phambi kukaSimakade. |
UDavide esezwile ngasemuva wathi: “Mina nombuso wami asinacala kuze kube phakade phambi kukaJehova ngegazi lika-Abineri indodana kaNeri.”
Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
Lapho nifika ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa, ngibeke isifo sochoko endlini yezwe lefa lenu;
Niyakuwela iJordani nonke nihlomile phambi kukaJehova, ize ixoshe izitha zayo phambi kwayo;
uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, baze balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanike lona phesheya kweJordani; khona-ke kumelwe nibuyele yilowo nalowo efeni lakhe engininike lona.
uJehova waze waphumuza abafowenu njengalokho aninika khona, balidla nabo izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona; khona-ke niyakubuyela ezweni lefa lenu, nidle lokho uMose inceku kaJehova aninika khona nganeno kweJordani ekuphumeni kwelanga.
UJehova walinikela nenkosi yalo esandleni sakwa-Israyeli; walishaya ngosiko lwenkemba nabo bonke ababekulo; akavumelanga ukuba kusale muntu kulo; wenza enkosini yakhe njengalokho enzile enkosini yaseJeriko.
UJoshuwa wawathatha wonke la makhosi nezwe lawo kanyekanye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wayewalwela u-Israyeli.
UJoshuwa walithatha izwe lonke njengakho konke uJehova abekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa ngokwezigaba zabo ngokwezizwe zabo. Izwe lazola ekulweni.
abakwaRubeni nabakwaGadi bamukela kubo ifa labo uMose abanika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho uMose inceku kaJehova abanika khona;
Inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwabo.
Yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe, thina singabi nacala; noma ubani okini endlini, igazi lakhe malibe phezu kwekhanda lethu, uma kukhona isandla esiphezu kwakhe.
Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengokusho kwakhe kubo; ngalokho buyelani manje, niye ematendeni enu nasezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.
Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase babuya basuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo elisezweni laseKhanani ukuya ezweni lakwaGileyadi ezweni eliyifa labo adliwa njengefa njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.