Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 32:22 - IsiZulu 2020

22 izwe linqotshwe phambi kukaSimakade, khona niyobuyela emuva, ningenacala kuSimakade naku-Israyeli. Leli lizwe liyoba yifa lenu phambi kukaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 izwe linqotshwe phambi kukaJehova, khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku-Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Izwe liyakunqotshwa phambi kobuso bukaJehova; leli zwe liyakuba yifa lenu phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 32:22
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi kamuva uDavide wakuzwa lokho, wathi: “Mina nombuso wami asinacala kuSimakade kuze kube phakade ngegazi lika-Abhineri, indodana kaNeri.


Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo.


“Kuyothi lapho senifikile eKhanani engizakuninika lona libe yifa lenu, ngibeke isifo sochoko endlini, ezweni eniliphiweyo.


wonke amadoda akini ahlomile phambi kukaSimakade, awele iJordani, ephuce izitha zakhe phambi kwakhe;


USimakade aze abanike abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba lowo nalowo abuyele efeni lakhe engimnike lona.’


aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”


USimakade wayinikela nayo nenkosi yayo esandleni sabakwa-Israyeli, wayichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekuyo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.


Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, nabakwaRubeni nabakwaGadi basemukela isabelo sefa labo abasinikwa nguMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokhu uMose, inceku kaSimakade, yababela lona:


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


Uma kukhona ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho abe semgwaqweni, kuyoba yicala lakhe uma efa, thina asiyukuba nacala, kodwa uma kukhona othinta noma yimuphi kulabo abanawe endlini, icala lokufa kwabo liyothwalwa yithi.


Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.


Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka