Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 32:23 - IsiZulu 2020

23 “Kepha uma ningeyukwenza kanjalo, niyobe nonile kuSimakade, futhi yazini ukuthi niyoba nesono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kepha uma ningakwenzi lokhu, bhekani, nonile kuJehova; futhi uqiniseke ukuthi isono sakho siyakuthola.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 32:23
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


Uma wenza okuhle, awuzukwamukela okuhle yini na? Uma ungenzi kahle, isono sisemnyango, siyakunyonyobela; sifuna wena, kodwa wena sinqobe.”


UJuda waphendula wathi: “Sizothini enkosini yami na? Sizakukhuluma sithini na? Sizakuzithethelela sithini na? UNkulunkulu uliveze obala icala lezinceku zakho. Bheka, silapha ukuba sibe yizigqila zenkosi yami, thina nalowo okutholakale kuye indebe.”


Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”


USimakade uzophindisela phezu kwakhe igazi lamadoda amabili alungileyo namahle kunaye awabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi ngalokho: u-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, umkhuzi wempi yakwaJuda.


Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lozalo lwakhe kuze kube phakade, kepha kuDavide, nasozalweni lwakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuSimakade.”


Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,”


Umuntu ohlebayo makangavunyelwa asimame emhlabeni, ububi mabusilandele isidlova, sibhujiswe.


Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.


Ingozi ilandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.


ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Maye komubi! Kuzomhambela kabi, ngokuba kuyakwenziwa kuye lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.


Ngokuba iziphambeko zethu ziningi phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nobubi bethu siyabazi:


Amatilosi ahlanganisa amakhanda, athi: “Wozani senze unkatho, sibone ukuthi ngubani oyimbangela yalobu bubi obusehlelayo na? Alwenza-ke unkatho, lwadla uJona.”


Usizi nobuhlungu kuyakubehlela bonke abantu abenza okubi, umJuda kuqala, nomGriki.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Wayesesondeza abendlu yakhe ngamunye ngamunye, kwathi u-Akhani, indodana kaKharimi kaZabhidi kaZera, wesizwana sakwaJuda, wakhethwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka