Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 2:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe, thina singabi nacala; noma ubani okini endlini, igazi lakhe malibe phezu kwekhanda lethu, uma kukhona isandla esiphezu kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe, thina singabi nacala; kodwa lowo okuwe endlini, igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu, uma sibekwa isandla kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Uma kukhona ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho abe semgwaqweni, kuyoba yicala lakhe uma efa, thina asiyukuba nacala, kodwa uma kukhona othinta noma yimuphi kulabo abanawe endlini, icala lokufa kwabo liyothwalwa yithi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 2:19
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavida wasesithi kuye: Igazi lakho liphezu kwekhanda lakho; ngoba umlomo wakho ufakazile ngawe, wathi: Mina ngibulele ogcotshiweyo weNkosi.


Kakhulu kangakanani kunokuba abantu ababi babulale olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe? Angiyikulibiza manje igazi lakhe esandleni senu, nginisuse emhlabeni na?


UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, elawela phezu kwabantu ababili ababelungile nabangcono kunaye, ababulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi, u-Abineri indodana kaNeri; induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.


Igazi liyakuba yisibonakaliso kini ezindlini enikhona; futhi lapho ngibona igazi, ngizodlula phezu kwenu, futhi isifo ngeke sibe phezu kwenu ukuze sinibhubhise lapho ngishaya izwe laseGibhithe.


Kumelwe nithathe isixha sehisopi nisicwilise egazini elisesitsheni, nishaye umbundu ongenhla nezinsika zombili zezinhlangothi ngegazi elisesitsheni; futhi kakuyikuphuma muntu emnyango wendlu yakhe kuze kuse.


Ngokuba uJehova uyakudabula ukuba anqobe abaseGibithe; uma ebona igazi embundwini ongaphezulu nasezinsikeni zombili zomnyango, uJehova uyakudlula ngasemnyango, angamvumeli umchithi ukuba angene ezindlini zenu ukuba anihlule.


Umuntu olala nomkayise wambulile ihlazo likayise; bobabili bayakubulawa impela; igazi labo liyakuba phezu kwabo.


Ngoba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; wathuka uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.


Ophezu kwendlu kangehli ukukhupha ulutho endlini yakhe;


Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.


Ngakho ngiyafakaza kini namuhla ukuthi anginacala egazini labo bonke abantu.


UPawuli wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: Uma laba bengahlali emkhunjini, aninakusindiswa.


njalo ngifunyanwe kuye, ngingelakho okwami ukulunga okuvela emthethweni, kodwa lokho okungokholo lukaKristu, ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa;


nicabanga ukuthi umelwe ukujeziswa kabuhlungu kangakanani lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, owathi igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, liyichilo, futhi edelele uMoya yomusa?


Manje fungani kimi ngoJehova, lokhu nginibonise umusa, ukuthi nani niyakuba nomusa endlini kababa, ninginike isibonakaliso esiqinisileyo;


Ayesephendula amadoda kuye, athi: “Siphila ngowakho, uma ungayikhulumi indaba yethu.” Futhi uma uJehova esinika izwe, sizokwenzela umusa neqiniso kuwe.


Futhi uma usimemezela lokhu, siyakukhululeka esifungweni sakho osifungise sona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka