UNumeri 21:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, bawaxosha ama-Amori abekhona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho. IsiZulu 2020 UMose wathumela izinhloli ukuhlola iJazeri, balidla, bathatha imizi yalo, bawaxosha ama-Amori ayelapho. |
Bawela iJordani, bamisa e-Aroweri ngakwesokunene komuzi ophakathi nomfula uGadi naseJazeri.
Wena mvini waseSibima, ngiyakukhalela ngokukhala kukaJaseri; izitshalo zakho zawela ulwandle, zafinyelela olwandle lwaseJaseri; umchithi uwile ezithelweni zakho zasehlobo nasekuvunweni kwakho kwemivini.
Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenezinkomo eziningi kakhulu; lapho bebona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi, indawo leyo yayiyindawo yezinkomo;
i-Ataroti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elale, neSebam, neNebo, neBeyoni;
Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri ephambi kweRaba;
Ngathuma iminyovu phambi kwenu, eyawaxosha phambi kwenu, amakhosi amabili ama-Amori; kodwa kungabi ngenkemba yakho noma ngomnsalo wakho.