Ngokuba njengenyoni ezulazulayo elahliwe esidlekeni, ayakuba njalo amadodakazi akwaMowabi ngasemifuleni yase-Arinoni.
UNumeri 21:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basuka lapho bamisa inkamba ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane eliphuma emkhawulweni wama-Amori; ngokuba i-Arinoni ingumkhawulo wakwaMowabi, phakathi kukaMowabi nama-Amori. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Basuka lapho, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane, elivela emkhawulweni wama-Amori, ngokuba i-Arinoni lingumkhawulo welakwaMowabi, phakathi kwelakwaMowabi nama-Amori. IsiZulu 2020 Basuka nalapho baze bayokanisa maqondana ne-Arinoni, ehlane elize liyofika endaweni yama-Amori. I-Arinoni lalingumngcele owehlukanisa elakwaMowabi nelama-Amori. |
Ngokuba njengenyoni ezulazulayo elahliwe esidlekeni, ayakuba njalo amadodakazi akwaMowabi ngasemifuleni yase-Arinoni.
UMowabi unamahloni; ngoba libhidliziwe: lilani lilile; Kutsheleni e-Arinoni ukuthi uMowabi uphangiwe,
Kungakho kuthiwa egwalweni lwezimpi zeNkosi: Lokho eyakwenza eLwandle lweSihlefu lemithonjeni yeArinoni,
UBalaki esezwile ukuthi uBileyamu usefikile, waphuma ukumhlangabeza emzini wakwaMowabi osemngceleni we-Arinoni, ekugcineni ogwini.
Sukumani, nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, ngiyakunikela uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe esandleni senu; qala ukulidla futhi ulwe naye empini.
Base bedabula ihlane, balihaqa izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, bafika ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni, kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi. Ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.