Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 21:13 - IsiZulu 2020

13 Basuka nalapho baze bayokanisa maqondana ne-Arinoni, ehlane elize liyofika endaweni yama-Amori. I-Arinoni lalingumngcele owehlukanisa elakwaMowabi nelama-Amori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Basuka lapho, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane, elivela emkhawulweni wama-Amori, ngokuba i-Arinoni lingumkhawulo welakwaMowabi, phakathi kwelakwaMowabi nama-Amori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Basuka lapho bamisa inkamba ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane eliphuma emkhawulweni wama-Amori; ngokuba i-Arinoni ingumkhawulo wakwaMowabi, phakathi kukaMowabi nama-Amori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 21:13
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodakazi akwaMowabi ayoba njengezinyoni ezizulazulayo, namaphuphu ahlakazekileyo, emazibukweni e-Arinoni.


UMowabi ujabhisiwe, uphelelwe ngamandla; khihlani isililo, nikhale, nimemezele e-Arinoni ukuthi uMowabi ubhujisiwe.


Yingakho eNcwadini yeziMpi zikaSimakade kuthiwa: “IWahebi eseSufa, nezigodi ezise-Arinoni,


UBhalaki wezwa ukuthi uBhileyamu ufikile, waphuma wayomhlangabeza emzini wakwaMowabi emngceleni wase-Arinoni elingasekupheleni kwesifunda.


“Manje sukani, niwele umfula iZeredi.” Sabe sesiwuwela umfula iZeredi.


‘Wena usuzoliwela i-Ari, umngcele kwaMowabi.


“ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni, umAmori inkosi yaseHeshibhoni, nezwe lakhe: qala ukulidla ngokuba ulwe naye empini.


“Base behamba ehlane, bazungeza izwe lakwa-Edomi nelakwaMowabi, baze bafinyelela empumalanga yezwe lakwaMowabi, bakanisa ngakolunye uhlangothi e-Arinoni. Kabangenanga endaweni yabakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni yayingumngcele kwaMowabi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka