Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 21:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Basuka lapho, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane, elivela emkhawulweni wama-Amori, ngokuba i-Arinoni lingumkhawulo welakwaMowabi, phakathi kwelakwaMowabi nama-Amori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Basuka nalapho baze bayokanisa maqondana ne-Arinoni, ehlane elize liyofika endaweni yama-Amori. I-Arinoni lalingumngcele owehlukanisa elakwaMowabi nelama-Amori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Basuka lapho bamisa inkamba ngaphesheya kwe-Arinoni elisehlane eliphuma emkhawulweni wama-Amori; ngokuba i-Arinoni ingumkhawulo wakwaMowabi, phakathi kukaMowabi nama-Amori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 21:13
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo, njengamaphuphu ahlakazekileyo, abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni.


UMowabi ujabhile, uphelile amandla; hhewulani, nikhale, nikwazise e-Arinoni ukuthi uMowabi uchithiwe.


Ngalokho kuthiwa eNcwadini yeziMpi zikaJehova: “IVahebi laseSufa, nezigodi zase-Arinoni,


UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza, waphuma ukumhlangabeza e-Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo.


“ ‘Sukani kalokhu, niwele umfula iZeredi.’ Sase siwela-ke umfula iZeredi.


‘Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi;


“ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe: qala ukulidla, ulwe naye ekulweni.


“Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka