UJakobe wayesethi endlini yakhe nakubo bonke ababe naye: “Susani onkulunkulu bezizweni abaphakathi kwenu, nizihlambulule, niguqule izingubo zenu.”
UNumeri 11:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uzakuthi ebantwini: Zingcweliseni kusasa, lizakudla inyama; ngoba nakhala phambi kukaJehova, lathi: Ngubani ozasipha inyama sidle? ngoba kwakusihambela kuhle eGibhithe; ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nidle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe,” ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle. IsiZulu 2020 “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, niyokudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaSimakade, nathi: “Ngubani oyosipha inyama yokuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibhithe;” yingakho nje uSimakade ezoninika inyama ukuba niyidle. |
UJakobe wayesethi endlini yakhe nakubo bonke ababe naye: “Susani onkulunkulu bezizweni abaphakathi kwenu, nizihlambulule, niguqule izingubo zenu.”
Lapho esesuthisa isisu sakhe, uNkulunkulu uzathululela phezu kwakhe ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe ngesikhathi esidla.
Bheka, washaya idwala, kwaze kwagobhoza amanzi, nezifufula zaphuphuma; angakwazi futhi ukunikeza isinkwa? angalungisela abantu bakhe inyama na?
Wayesethi uMose: “Kuyakuthi uma uJehova eninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nesinkwa ekuseni nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa ukububula kwenu ngaye. Futhi siyini? anikhononi ngathi, kepha niphikisana neNkosi.
I Nkosi yasisithi kuMozisi: Yana ebantwini, ubangcwelise lamuhla lakusasa, bahlanze izembatho zabo.
Uma abantu bekhononda, kwakungalungile emehlweni kaJehova, uJehova wakuzwa; intukuthelo yakhe yavutha; umlilo kaJehova wavutha phakathi kwabo, wabaqeda ababesemikhawulweni yekamu.
Aniyikudla usuku olulodwa noma izinsuku ezimbili noma ezinhlanu noma izinsuku eziyishumi noma izinsuku ezingamashumi amabili;
obaba bethu abavumanga ukumlalela, kodwa bamxotsha kibo, babuyela eGibhithe ngezinhliziyo zabo.
Vuka, ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ikusasa, ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awukwazi ukuma phambi kwezitha zakho uze ususe. Oqalekisiweyo phakathi kwenu.
Abantu base befika endlini kaNkulunkulu, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu; baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu;