Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 11:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe,” ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 “Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, niyokudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaSimakade, nathi: “Ngubani oyosipha inyama yokuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibhithe;” yingakho nje uSimakade ezoninika inyama ukuba niyidle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uzakuthi ebantwini: Zingcweliseni kusasa, lizakudla inyama; ngoba nakhala phambi kukaJehova, lathi: Ngubani ozasipha inyama sidle? ngoba kwakusihambela kuhle eGibhithe; ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nidle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 11:18
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu,


noma ebugodla engabushiyi, kepha ebugcina emlonyeni wakhe,


Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.


Bhekani, washaya idwala, kwaphuma amanzi, nemifula yampompoza; kepha angabanika nesinkwa, alungisele abantu bakhe inyama, na?”


UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,


Wayesethi kubantu: “Anoba senilungile ngosuku lwesithathu; ningasondeli kowesifazane.”


Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, funa uJehova abadumele.”


Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*


Aniyikuyidla usuku lube lunye, noma izinsuku zibe zimbili, noma izinsuku zibe yisihlanu, noma izinsuku zibe yishumi, noma izinsuku zibe ngamashumi amabili,


“Kepha obaba abavumanga ukumlalela, kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo,


“Suka ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho, ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.


Abantu base befika eBethele, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu, baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka