Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 7:39 - Contemporary Zulu Bible 2024

39 obaba bethu abavumanga ukumlalela, kodwa bamxotsha kibo, babuyela eGibhithe ngezinhliziyo zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 “Kepha obaba abavumanga ukumlalela, kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

39 “Kepha okhokho abavumanga ukumlalela, kodwa bamsunduzela eceleni, babuyela emuva eGibhithe ngezinhliziyo zabo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 obaba bethu abavumanga ukumlalela, kodwa bamxotsha kibo, babuyela eGibhithe ngezinhliziyo zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 7:39
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USolomoni wamxosha u-Abiyathara ngokuba engesiye umpristi kaJehova; ukuze agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu ka-Eli eShilo.


Banomhawu ngoMose ekamu no-Aroni ongcwele kaJehova.


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.


Abantu bakhona bomele amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?


Sicabanga ngezinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle; ukhukhamba, namakhabe, namalikhi, no-anyanisi, nesweli;


Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? ngokuba akukho sinkwa namanzi; umphefumulo wethu uyasenyanya lesi sinkwa esilula.


Kepha lowo owayemonile umakhelwane wakhe wamsunduza, wathi: ‘Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli phezu kwethu na?


Imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi.


UmkaGileyadi wamzalela amadodana; amadodana omkakhe akhula, amxosha uJefta, athi kuye: “Awuyikudla ifa endlini kababa; ngokuba uyindodana yowesifazane ongaziwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka