Ngaphezu kwalokho, kumelwe ukhethe kubo bonke abantu amadoda afanelekayo amesabayo uNkulunkulu, amadoda eqiniso, azondayo ukuhaha; wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zeshumi.
UNumeri 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Laba babeyizikhulu zebandla, izikhulu zezizwe zawoyise, izinhloko zezinkulungwane kwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 Yilaba ababizwa enhlanganweni, abaholi bezizwana zokhokho; babeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli. |
Ngaphezu kwalokho, kumelwe ukhethe kubo bonke abantu amadoda afanelekayo amesabayo uNkulunkulu, amadoda eqiniso, azondayo ukuhaha; wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zeshumi.
UMose wakhetha amadoda anamandla ku-Israyeli wonke, wawamisa aba izinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi amahlanu nezinduna zeshumi.
Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.
Uma beshaya icilongo elilodwa kuphela, khona-ke izikhulu eziyizinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli kumelwe zibuthene kuwe.
Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona; ngiyakuthatha okukaMoya ophezu kwakho, ngikubeke phezu kwazo; futhi bayothwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.
Bema phambi kukaMose kanye nabanye babantwana bakwa-Israyeli, izikhulu zebandla ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, abantu abadumileyo ebandleni;
Amadodana ka-Eliyabe: uNemuweli noDathani no-Abiramu. Yilabo oDathani no-Abiramu ababaziwa ebandleni, balwa noMose no-Aroni eqenjini likaKora ekulweni kwabo noJehova;
UMose wakhuluma ezinhloko zezizwe ngabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nansi indaba uJehova ayale ngayo.
izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise, izikhulu zezizwe ezaziphezu kwababalwayo, zanikela ngomhlatshelo;
Ngase ngithatha izikhulu zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo nabadumileyo, ngabamisa baba yizinhloko phezu kwenu, izinduna zenkulungwane nezinduna zekhulu nezinduna zamashumi ayisihlanu nezinduna zeshumi nezinduna ezizweni zenu.
Wathi kuye: “Awu, Nkosi yami, ngiyakumkhulula ngani u-Israyeli na?” bheka, umndeni wakithi umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.
USawule wayesethi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye: “Lalelani, maBhenjamini! indodana kaJese iyakuninika izwe nezivini, kube yilowo nalowo kini, inibeke izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu;
Bhekani, nibone zonke izindawo zokucasha lapho ecasha khona, nibuyele kimi impela, ngiyakuhamba nani; uma ekhona ezweni, ngiyakumphenya kuzo zonke izinkulungwane zakwaJuda.