UJowabe wasesithi kuAmasa: Uyaphila, mfowethu? UJowabe wabamba u-Amasa ngentshebe ngesandla sokunene ukuze amange.
UNehemiya 6:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 oSanibhalati noGesemi bathumela kimi ukuthi: “Woza, sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Kodwa bacabanga ukungilimaza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE oSanibalati noGeshemi bathumela kimi, bathi: “Woza sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Babehlose ukwenza okubi kimi. IsiZulu 2020 uSanibhalathi noGeshemi bangithumelela umyalezo othi: “Woza sihlale phansi sidingide lolu daba komunye wemizana esethafeni e-Ono.” Kepha babehlose ukungenza isilo sengubo. |
UJowabe wasesithi kuAmasa: Uyaphila, mfowethu? UJowabe wabamba u-Amasa ngentshebe ngesandla sokunene ukuze amange.
U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamthathela eceleni esangweni ukuba akhulume naye ngasese, wamgwaza lapho esiswini, wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
Amadodana ka-Eliphahali: uHebhere, noMisam, noSkamedi, abakha i-Ono neLodi nezinsika zayo;
Ngase ngithuma izithunywa kubo ukuthi: Ngenza umsebenzi omkhulu, kanginakwehla; umsebenzi ungayekiswani, uma ngiwushiya, ngehlela kini na?
Bakhuluma okuyize, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo, bakhuluma ngenhliziyo embaxa-mbili.
Ngabuye ngabona wonke umsebenzi onzima nawo wonke umsebenzi omuhle, ukuthi ngenxa yalokho umuntu uba nomhawu ngomakhelwane wakhe. Kuyize nokufuna umoya.
Khona-ke u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayenaye basukuma bamshaya uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ngenkemba, bambulala owayemise inkosi yaseBhabhiloni ukuba ibe umbusi phezu kwakhe izwe unayo.
Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo.