Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 6:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 oSanibalati noGeshemi bathumela kimi, bathi: “Woza sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Babehlose ukwenza okubi kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 uSanibhalathi noGeshemi bangithumelela umyalezo othi: “Woza sihlale phansi sidingide lolu daba komunye wemizana esethafeni e-Ono.” Kepha babehlose ukungenza isilo sengubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 oSanibhalati noGesemi bathumela kimi ukuthi: “Woza, sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Kodwa bacabanga ukungilimaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 6:2
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Usaphila, mfowethu, na?” UJowabe wambamba u-Amasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange.


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo,


naseLodi, nase-Ono, isiGodi Sababazi.


Emva kwakhe kwalungisa abapristi, abantu basethafeni.


Ngathuma izithunywa kubo, ngathi: “Ngisebenza umsebenzi omkhulu, anginakwehla; umsebenzi ubuyakumelani, ngiwuyeke, ngehlele kini, na?”


Bakhuluma amanga, kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.


Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo.


Omubi uqaphela olungileyo, ufuna ukumbulala.


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Wayesesuka u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ngenkemba, bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni.


Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka