Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 6:2 - IsiZulu 2020

2 uSanibhalathi noGeshemi bangithumelela umyalezo othi: “Woza sihlale phansi sidingide lolu daba komunye wemizana esethafeni e-Ono.” Kepha babehlose ukungenza isilo sengubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 oSanibalati noGeshemi bathumela kimi, bathi: “Woza sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Babehlose ukwenza okubi kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 oSanibhalati noGesemi bathumela kimi ukuthi: “Woza, sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono.” Kodwa bacabanga ukungilimaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 6:2
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Unjani mfowethu?” UJowabe wabamba u-Amasa isilevu, ngesandla sakhe sokunene, wamanga.


U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


Amadodana ka-Eliphahali: kwakungu-Ebhere, uMishamu, noShemedi; yiwona akha i-Ono, neLodi, nemizana yakhona;


eLodi nase-Ono, iSigodi Sababazi.


Emva kwakhe kwalungisa abaphristi namadoda asezindaweni ezazizungeze lapho.


Ngathumela izigijimi kubo, ngathi: “Ngimatasatasa ngomsebenzi omkhulu, ngeke ngehle ngize lapho kini. Ngizowuyekelani umsebenzi engiwenzayo, ngehle ngize lapho kini na?”


Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma.


Omubi umsongela okubi olungileyo, amququdele amazinyo.


Omubi uqamekela olungileyo, ufuna ukumbulala.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya namadoda alishumi ayehamba nawo, basukuma, bambulala ngenkemba uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani; uGedaliya owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.


Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka