Manje funga kimi lapha ngoNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nendodana yendodana yami; kodwa ngokomusa engikubonise wona, kumelwe uwenze kimi nakulo izwe ogogobele kulo njengowezizwe.
UJoshuwa 2:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Manje fungani kimi ngoJehova, lokhu nginibonise umusa, ukuthi nani niyakuba nomusa endlini kababa, ninginike isibonakaliso esiqinisileyo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi, njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo, IsiZulu 2020 Manje-ke lokhu nginiphathe kahle, fungani kimi ngoSimakade ukuthi nani niyakubenzela umusa abendlu kababa; nginikeni uphawu oluzakuba yisiqiniseko sokuthi nizokwethembeka, |
Manje funga kimi lapha ngoNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nendodana yendodana yami; kodwa ngokomusa engikubonise wona, kumelwe uwenze kimi nakulo izwe ogogobele kulo njengowezizwe.
Ngizakufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu, loNkulunkulu womhlaba, ukuthi kawuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlala phakathi kwawo.
Inceku yasibeka isandla sayo ngaphansi kwenyonga lika-Abhrahama inkosi yayo, yafunga kuye ngalendaba.
Kodwa ngikhumbule, lapho kukuhambela kahle, ungibonise umusa, ungibize kuFaro, ungikhiphe kule ndlu.
Ngokuba ngingakubekezelela kanjani ukubona ububi obuzokwehlela abantu bami na? noma ngingabekezelela kanjani ukubona ukubhujiswa komndeni wami?
Igazi liyakuba yisibonakaliso kini ezindlini enikhona; futhi lapho ngibona igazi, ngizodlula phezu kwenu, futhi isifo ngeke sibe phezu kwenu ukuze sinibhubhise lapho ngishaya izwe laseGibhithe.
Njalo uba befunda lokufunda izindlela zabantu bami, ukufunga ngebizo lami: Kuphila kukaJehova! njengoba bafundisa abantu bami ukufunga uBhali; khona-ke bayakwakhiwa phakathi kwabantu bami.
Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mthathe, nimuke naye ephephile.
abangenakuqonda, abephula isivumelwano, abangenalo uthando lwemvelo, abangenabubele, abangenasihawu;
Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.
Ngokuba ukwahlulela okungenasihawu uyakuba nomusa; nesihawu siyathokoza ekwahlulelweni.
futhi niyogcina ubaba nomama nabafowethu nodadewethu nabo bonke abalakho, futhi nisisindise ekufeni.
Bheka, lapho singena ezweni, kumelwe ubophe lentambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo; kumelwe ulethe ekhaya uyihlo nonyoko nabafowenu nayo yonke indlu yakho kuwe.
Yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe, thina singabi nacala; noma ubani okini endlini, igazi lakhe malibe phezu kwekhanda lethu, uma kukhona isandla esiphezu kwakhe.
Kodwa uJoshuwa wathi emadodeni amabili ayehlola ilizwe: Ngenani endlini yesifebe likhuphe lapho owesifazana lakho konke alakho, njengokufunga kwenu kuye.
UJoshuwa wenza ukuthula nabo, wenza isivumelwano nabo ukubayeka baphile; nezinduna zebandla zafunga kubo.
Izinhloli zabona umuntu ephuma emzini, zathi kuye: “Sibonise indlela yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.”
UDavida wasesithi kuye: Ungangehlisela kulesixuku? Wathi: “Funga kimi ngoNkulunkulu ukuthi awuyikungibulala, unganginikele esandleni senkosi yami, ngikwehlisele kulesi sixuku;