Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari.
UJoshuwa 15:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Waphuma waya ohlangothini lwaseningizimu, waya eMahali-hakrabimi, wadlulela eSini, wenyukela ohlangothini lwaseningizimu eKadeshi Barineya, wadlulela eHezironi, wenyukela e-Adari, wazungeza eKarika. IBHAYIBHELI ELINGCWELE waphuma waya ngaseningizimu kommango wase-Akarabimi, wadlula waya eSini, wakhuphuka ngaseningizimu kwaseKadeshi Barineya, wadlula ngaseHesironi, wenyukela e-Adari, wajika waya eKaraka; IsiZulu 2020 uqhubekela ngaseningizimu yommango i-Akhrabhimi, udlulele eZini, ukhuphukele eningizimu eKadeshi Bharineya, wedlule ngaseHezironi, wenyukele e-Adari, ujike uye eKharakha, |
Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari.
Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona.
Yilokho oyihlo abakwenzayo lapho ngibathuma besuka eKadeshi-Barineya ukuba babone izwe.
Umkhawulo wenu uyakujika usuke eningizimu, uye entabeni yase-Akirabimi, udlule uye eSini; ukuphuma kwawo kusuke eningizimu kuye eKadeshi-Barineya, kudlulele eHasaradari, kudlulele e-Ashimoni.
Umngcele wabo ongaseningizimu wawusuka ogwini loLwandle Lukasawoti ethekwini elibheke eningizimu.
Wasuka lapho, waya e-Ashimoni, waphuma waya emfuleni waseGibithe; nokuphuma kwalolo gu kwakungaselwandle; lokhu kuyakuba ugu lwenu oluseningizimu.