USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.
UJoshuwa 10:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho u-Adoni-Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi nakuJafiya inkosi yaseLakishi nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, ethi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni, nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakishi, nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, wathi: IsiZulu 2020 Ngakho-ke u-Adoni Zedeki, inkosi yaseJerusalema, wathumela kuHohamu inkosi yaseHebhroni, nakuPhiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakhishi, nakuDebhiri inkosi yase-Egiloni, wathi: |
USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.
Wathi kuye: “Hamba, ubheke ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi; futhi ungilethele izwi futhi. Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, wafika eShekemi.
Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.
UHezekiya inkosi yakwaJuda wathumela enkosini yase-Asiriya eLakishi, wathi: “Ngonile; suka kimi; lokho okubeka phezu kwami, ngiyakukuthwala. Inkosi yase-Asiriya yabeka uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide.
Inkosi yase-Asiriya yathuma uTharithani noRabisarisi noRabi-Sake besuka eLakishi enkosini uHezekiya nempi enkulu eJerusalema. Bakhuphuka, bafika eJerusalema. Sebekhuphukile, bafika bema ngasemseleni wedamu lasenhla, emgwaqweni omkhulu wensimu yomhlanzi.
Lapho impi yenkosi yaseBhabhiloni ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eyayisele, neLakishi ne-Azeka, ngoba le mizi eyinqaba yayisele emizini yakwaJuda.
Bophelani inqola esilwaneni esinejubane, enakhileyo eLagi; lokhu kungukuqala kwesono sendodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zika-Israyeli zifunyanwa kuwe.
Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)
Kwathi u-Adoni-Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthumbe i-Ayi, wayishaya ngesiqalekiso; njengalokho enze eJeriko nasenkosini yalo, wenze njalo kulo i-Ayi nenkosi yalo; nokuthi abakhileyo eGibeyoni benza kanjani ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo;
Benza kanjalo, bawaletha kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni, inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.
UJoshuwa wayesesuka eLakishi, waya e-Egiloni, no-Israyeli wonke kanye naye; futhi bamisa ngokumelene nalo futhi balwa nalo.
Ngakho amakhosi amahlanu ama-Amori, inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakishi, inkosi yase-Egiloni, abuthana, akhuphuka, wona nawo onke amabutho awo, amisa phambi kweGibeyoni nemizi yawo walwa nayo.
Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.
neHumta, neKiriyatarba eliyiHebroni, neSiyori; imizi eyisishiyagalolunye nemizana yayo.
Kepha amaJebusi akhileyo eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.
neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati; imizi eyishumi nane nemizana yayo. Leli laliyifa labantwana bakwaBhenjamini ngezizukulwane zabo.